Isono Sikadokotela is a song in Zulu
Angazi noma isono sami yini
Noma isono sikadokotela
Ukushona kukamama
Owashonel'esibhedlela
Mhla ezala mina
Angazi noma isono sami yini
Noma isono sikadokotela
Ukushona kukamama
Owashonel'esibhedlela
Mhla ezala mina
Ukungamaz'owam'umama
Ngab'isono sami yini
Ukungamaz'owam'umama
Mhlambe kuded'umunwe kadokotela
Ukungamaz'owam'umama
Ngab'isono sami yini
Ukungamaz'owam'umama
Mhlambe kuded'umunwe kadokotela
Hho mina akuvumi ngixolele
Ngihlale ngishwabula njalo
Hho mina akuvumi ngixolele
Ngihlale ngizond'udokotela
Hho mina akuvumi ngixolele
Ngihlale ngizisola njalo
Hho mina akuvumi ngixolele (Mama hamba kahle mama)
Ngihlale ngizond'udokotela (Ize wangizala wangifulatela)
(Ngasala ngihlunya ngolimi njengenkomo)
Hho mina akuvumi ngixolele (Ngiziphandela)
(Okwechwane lenyoka kodwa ngilivumil'icala)
Ngihlale ngishwabula njalo (Ngoba angaz'ukuthi)
Hho mina akuvumi ngixolele (Iphutha ngelami)
(Noma ngelikadokotela)
Ngihlale ngizond'udokotela (Sekuphel'iminya ngiginda)
Angazi noma isono sami yini (EsikaNandi ngisiginda)
(Ngizothula ngizithwesa)
Noma isono sikadokotela (Ngizisola ngibalisa)
(Hlez'ukudl'anhlamvana)
Ukushona kuka mama (Yikon'okwakuzophuc'umama)
Owashonel'esibhedlela (Ngasala ngingasambonanga)
Mhla ezala mina (Ngasala ngingasagonanga)
(Ngasala ngingasacelanga, wangishiya )
Bathi wayefana nami (Kabuhlung'umama Wangishiya)
(Emhlaben'ongena sihe)
Lokho kungizwisa ubuhlungu (Nazwelo, ukudlala)
(Nokwenama ngikuzwa ngendaba)
Ngob'angikaze ngambona (Uthando nesineke)
Uma ngibuka izithombe (Ngikukhomba kuqakama)
Ngizibona mina uqobo lwami (Kodwa Nokuphila)
(Wangihleka ngenhloso yokungihlomekisa)
Bathi wayefana nami (Noma ngehloso yokungihlomulisa)
Lokho kungizwisa ubuhlungu (Okungenani ukube)
(Wavele waziphosela)
Ngob'angikaze ngambona (Zalima zay'etsheni)
Uma ngibuka izithombe (Ngadabul'amafu, ngahlala)
Ngizibona mina uqobo lwami (Ezithendeni zikamama)
Bathi wayefana nami (Mama ngikhanyisele mama)
(Lohlab'uyangihlaba mama)
Lokho kungizwisa ubuhlungu (Lomhlab'uyazitika)
(Ubukisa ngami mama)
Ngob'angikaze ngambona (Ukube nginamandla ma)
Uma ngibuka izithombe (Ngabe ngiyakuvusa ngikuse)
Ngizibona mina uqobo lwami (Ungibamb'ungitotose)
Ungibek'entendeni
Wazise ngiyizibulo nethunjana
Ngingaconsi phansi
Lapho sengitetema
Ngikhomba ngophakathi
Ngiphakathi komhlane nembeleko
Pho ke amathang'ahlanzel'abangena mabhodwe
Ngisola wena dokotela
Ukube dokotel'awulandelang'ibhodw'eliconsayo
Nomceb'emsebenzini wobudokotela
Ngabe wamhleng'umama
Ngabe nami ngiyadlala ngiyaqabashiya
Ngithokozel'ubumnandi bobungane
Kungani ungangiyekelanga nami
Ngendelwe kweliphakade
Ngizitike ngenjabulo yaphakade
Nginesiqiniseko ngabe ngenem'ezweni laphakade
Hamba kahle mama
Ufik'ukhonze kokhokhomkhulu nakobabamkhulu
Ungicelel'inkombandlela ubadonc'indlebe
Ngobuze nobuphandle bami mama
Sengethembe wena mama
Sesiyobonana kwelizayo mama
Dlozi lami ungangishiyi ngedwa
Lento angiyiqalanga ngingedwa
Mlamul'imbongo yasoNkongolo
Bathi wayefana nami
Lokho kungizwisa ubuhlungu
Ngob'angikaze ngambona
Uma ngibuka izithombe
Ngizibona mina uqobo lwami
Bathi wayefana nami
Lokho kungizwisa ubuhlungu
Ngob'angikaze ngambona
Uma ngibuka izithombe
Ngizibona mina uqobo lwami
Bathi wayefana nami
Lokho kungizwisa ubuhlungu
Ngob'angikaze ngambona
Uma ngibuka izithombe
Ngizibona mina uqobo lwami