song lyrics / Udumakahle / Nsikelelo lyrics  | FRen Français

Nsikelelo lyrics

Performer Udumakahle

Nsikelelo song lyrics by Udumakahle official

Nsikelelo is a song in Zulu

Inkinga yami ngiliciko
Noma ngikuchazel'indlel'engikuthanda ngayo
Uvel'ucabang'ukuthi ngiyacikoza

Inkinga yami ngiliciko
Noma ngikuchazel'indlel'engikuthanda ngayo
Uvel'ucabang'ukuthi ngiyacikoza

Inkinga yami ngiliciko
Noma ngikuchazel'indlel'engikuthanda ngayo
Uvel'ucabang'ukuthi ngiyacikoza

Nsikelelo sithandwa sami
Umunt'omdal'akathunywa
Umfan'ohlakaniphile kuphela
Okwaz'ukwenza lokho
Mina ngingabathum'omalume kini

Wo Nsike themba lami
Umunt'omdal'akathunywa
Umfan'ohlakaniphile kuphela
Okwaz'ukwenza lokho
Mina ngingabathum'omalume kini

Umuhle mntanomuntu
Wen'ufanelwa igam'elith'uBuhle
Ngifis'ukumbona
Lomunt'owayekhand'amagama
Ngifun'angikhandele
Ngichaz'int'engaphezu kobuhle

Uvumel'inhliziyo yam'igide kanye neyakho
Neyam'isikhathele
Ukub'umagid'ayishayel'ihlombe

Umuhle mntanomuntu
Wen'ufanelwa igam'elith'uBuhle
Ngifis'ukumbona
Lomunt'owayekhand'amagama
Ngifun'angikhandele
Elichaz'int'engaphezu kobuhle

Uvumel'inhliziyo yam'igide kanye neyakho
Neyam'isikhathele
Ukub'umagid'ayishayel'ihlombe
Uvumel'inhliziyo yam'igide kanye neyakho
Neyam'isikhathele
Ukub'umagid'ayishayel'ihlombe

Ukuba ngingumdwebi
Bekuzoba lula ukudweb'umfanekiso
Ngachaz'indlel'engikuthanda ngayo

UNkulunkulu wayenza lento
Nami ngingaz'uyenzelani na
Wangiph'amehlo waba mabili

Yazi ngiyakwesaba mndeni
Inhliziyo yami yaba yodwa
Wayengibekele wena
Ukuth'uyonginik'inhliziyo yakho
Nami ngiyokunik'inhliziyo yami
Ukuz''inhliziyo zethu nazo ziyophelela

Ukuba ngingumdwebi
Bekuzoba lula ukudweb'umfanekiso
Ngachaz'indlel'engikuthanda ngayo

Wo Nsike themba lami
Umunt'omdal'akathunywa
Umfan'ohlakaniphile kuphela
Okwaz'ukwenza lokho
Mina ngingabathum'omalume kini

Inkinga yami ngiliciko
Noma ngikuchazel'indlel'engikuthanda ngayo
Uvel'ucabang'ukuthi ngiyacikoza

Inkinga yami ngiliciko
Noma ngikuchazel'indlel'engikuthanda ngayo
Lyrics copyright : legal lyrics licensed by Lyricfind.
No unauthorized reproduction of lyric.

Comments for Nsikelelo lyrics

Name/Nickname
Comment
Copyright © 2004-2024 NET VADOR - All rights reserved. www.paroles-musique.com/eng/
Member login

Log in or create an account...

Forgot your password ?
OR
REGISTER
Select in the following order :
1| symbol at the top of the thumbs up
2| symbol to the right of the eye
3| symbol at the bottom of the camera
grid grid grid
grid grid grid
grid grid grid