song lyrics / Imacsoul / Ngithwele lyrics  | FRen Français

Ngithwele lyrics

Performer Imacsoul

Ngithwele song lyrics by Imacsoul official

Ngithwele is a song in Zulu

Ngithwele - Imacsoul

Written by Menzi Malusi Dlodlo

Hhey ngithwele
Ngithwele kanzima baba ngithwele mina,
Ngithwele
Ngithwele kanzima baba ngithwele mina,

Somandla ngicela ungivulele
Somandla ngicela ungivulele iminyango
(Inhlupheko ibukisa ngami)
Ngoba ngithwele
Ngithwele kanzima
Webaba Ngithwele mina,
Ngithwele
Ngithwele kanzima
Webaba Ngithwele mina,
Somandla ngiyethemba ulalele
Hhey uyangizwa,
Somandla ngicela ungivulele iminyango,

Hhey Uyazi empilweni bancane abathola lempilo abayifunayo,
Kunzima endleleni sivika abomndeni abafungayo,
Hhey ngisaphila ngokuhlanganisa
Impilo isabhala ngokuhlanganisa,
Noma ungamncane kanjani umehluko nkosiyam iwona oyongijabulisa,

Sengikhulekela ukuthi mangicula (ngicula)
Kuyingenele Enhlizweni yomuntu, (bengizwe)
Ngithi uma ngicula kuvuke lomuntu okumuntu,
Kengishaye ingoma kuvuke isthunywa
Ahleke usathane angimisele isthupha, (engivuma)
Ngithi uma ngicula kuvuke lomuntu okumuntu,


Ngoba ukuhlabelela kuyamelapha odabukileyo, (kuyamelapha)
Somandla ngihuba lelihubo bonke abalimele bathobe amanxeba,
Ngoba ukuhlablela
Kuyamelapha odabukileyo, (kuyamelapha)
Somandla ngihuba lelihubo bonke abalimele bathobe amanxeba,

Somandla ngiyethemba ulalele...
Hhey Uyangizwa,


Somandla ngicela ungivulele
Somandla ngicela ungivulele iminyango,

Somandla ngicela ungivulele
Somandla ngicela ungivulele iminyango
Ngoba ngithwele
Ngithwele kanzima
Webaba Ngithwele mina,
Ngithwele
Ngithwele kanzima
Webaba Ngithwele mina
(Sengikhathele ukuthwala kanzima mina)


Mkhulu womkhulu yandisa izibusiso zami
Ungixolele iziphambeko zami,
Ungavumi Inhlupheko yalana emhlabeni
Ibukise ngami,

Ung'vulele esinye isahluko sempilo yami
Ungiphe amandla ngivuse ikhaya
Mhlampe ngiyothola nokuthi ngijabule kancane
(Ngifane nabanye),

Ishabalalise inzondo enginayo
Ungiphe inhliziyo enomusa nothando,
Ungiph'isibindi ngamukele mukele mukele konke kofika ngesikhathi,

Hlenga lempilo yam mpilo yam mpilo yam
Ngigade kulezizitha engingazi
Uze ungiph'isibindi ngamukele mukele mukele konke kofika ngesikhathi esabekwa nguwe,

Ngeke ungethwese umthwalo ongaphekwamandla ami,
Ngeke kulonyaka uzoba mkhulu umehluko,
Ngeke ungethwese umthwalo ongaphekwamandla ami,
Ngeke kulonyaka uzoba mkhulu umehluko kimi.
Lyrics copyright : legal lyrics licensed by Lyricfind.
No unauthorized reproduction of lyric.

Comments for Ngithwele lyrics

Name/Nickname
Comment
Copyright © 2004-2024 NET VADOR - All rights reserved. www.paroles-musique.com/eng/
Member login

Log in or create an account...

Forgot your password ?
OR
REGISTER
Select in the following order :
1| symbol to the right of the television
2| symbol at the top of the heart
3| symbol at the top of the thumbs up
grid grid grid
grid grid grid
grid grid grid