song lyrics / Musa / Umculo lyrics  | FRen Français

Umculo lyrics

Performer Musa

Umculo song lyrics by Musa official

Umculo is a song in Zulu

Asibuyele emasiswini ngqongqoza bafana singena
Nangoke umculo thina esakhula ngawo
Umculo ungadluli ongaphuphi noba thina sesafa
Kuyoba nguwona ozasikhulisela ingane zobaba
Intsizwa zidlala wona lomculo ma kuvakashe intombi
Iwaqoqe wonke ama point eyintombini
Sakhula ngawo lomculo osomataxi bewudlala emaranki
Sivume ingoma sibheke emakhaya
Umshayeli ehamba ephulula umkhaba
Sidabukela abasibiza amaqaba ngoba
Umculo wakithi nguwona ohlanganisa intlanga
No Ray Phir bebenqamul'amazwe bencinz'iginci intab'eziwukhahlamba
Wawukuphi wena ubhohloza nzimande edlala okokuqala uphuze chemist no khensani kwanyakaza umhlaba ngesixaxambithi

Abangane bangakushiya nezihlobo zingahamba
kodwa umculo uyohlezi unawe ujule ngomcabango uwedwa ziyokuqhamuka impendulo
UNelsom Mandela uyishilo lendaba
Wathi into eyayibanika ithemba bese etilongweni
Kwakukumamela amaphimbi o Marriam Makheba Brenda Fassie Hugh Masekela
Ezimbambwe bakhala inyembezi u Oliver Mtukudzi ecula u neria
ESouth Africa kwakugobhoza igazi kufa abantu
UEnock Sontonga waqopha i National Anthem ethi Nkosi Sikelela iAfrika yizwa imithandazo yethu
Babefile abantu abanye badukile nanamhlanje khona abangatholakalanga
Umculo wakithi wasinikeza ithemba nesibindi sokuba
Nokuba kunje ngolunye usuku kuzokhanya nomnotho uyophathwa ngabantu bebala elintsundu
Nakuba imiva lethu likubi ngenxa lamabhokisi asemhlabathini
Kodwa asiqunge isibindi sidle umhlathi sibambane sibheke phambili
UShaka Zulu nebutho lakhe wegijima kuzona lezintaba
Becula amaculo okukhona osonkondlo belelwa umhlaba owawudliwa ngamany'amakhosi
Uma nicula lomculo wakithi ooRobbie Malinga bayonyakaza emathuneni
OoSifiso Ngcwane bayakujabula bathokoze bonke nabo Lucky Dube
Asiwubambe lomculo wakithi ngoba nguwona kuphela esinawo
Njengentuthane sonke sovula esikuqalile nesikityalile
Lapho ukhona nawe khulisani ingani zenu ngomculo wasekhaya niyifundise nangamasiko
Kwaze kwamnandi ke nokuba nam nginathulela nanku uMusa
Qhakaza ndodana yasemzantsi uSbu the poet
Lyrics copyright : legal lyrics licensed by Lyricfind.
No unauthorized reproduction of lyric.

Comments for Umculo lyrics

Name/Nickname
Comment
Copyright © 2004-2024 NET VADOR - All rights reserved. www.paroles-musique.com/eng/
Member login

Log in or create an account...

Forgot your password ?
OR
REGISTER
Select in the following order :
1| symbol at the top of the television
2| symbol at the bottom of the camera
3| symbol to the right of the bulb
grid grid grid
grid grid grid
grid grid grid