Sekwanele is a song in Zulu
Baba, bavikele
Laba bantu, Nkosi yami, uze ungavumi ngabo
Baba, bavikele
Sekwanele
Dear phepha lami
Sondela ngikhulume nawe
Hleze wena ungangilalela
Ngoba akekho ofuna ukungilalela
Ngithi dear phepha lami
Sondela ngikhulume nawe
Hleze wena ungangilalela
Ngoba akekho ofuna ukungilalela
Ngihlangane nomuntu
Lo muntu uthe uyongisiza
Kodwa manje useyimpica
Ngoba manje lo muntu usefuna uthando kimi
Ngaze ngalithwala icala labanye abantu
Ngaze ngayifela izono zabanye abantu
Oh Nkosi yami, vikela le nhliziyo yami ungizwele
Kanti iyophela nini na
Lento yokuhlukunyezwa kwabanye abantu
Ubani oyoyiqeda lento
Lento iyawuhlukumeza umoya wami
Kanti iyophela nini na
Lento yokuhlukunyezwa kwabanye abantu
Ubani oyoyiqeda le nto
Lento iyawuhlukumeza umoya wami
Kanti ubani obavikelayo
Aseshonephi amadoda aqotho
Aseshonephi amadoda aqotho
Ayemhlonipha umuntu wesifazane
Sesiphila esikhathini esinzima
Siphila nabantu abangasenanembeza
Lamula, Nkosi, laba bantu abanamandla okulwa
Sesiphila esikhathini esinzima
Siphila nabantu abangasenanembeza
Lamula, Nkosi, laba bantu abanamandla okulwa
Sekwanele manje
Sekwanele manje Nkosi pheza Baba
Gad' abantwana bakho bekhala Nkosi yami
Sesiphila esikhathini esinzima (hey)
Siphila nabantu abangasenanembeza (bengikwethemba kant'udlala nami)
Lamula, Nkosi, laba bantu abanamandla okulwa (bengikwethemba kant'udlala nami)
Abanye babo bayadlwengulwa, Nkosi yami
Abanye babo niyabahlukumeza
Hhawu yini, yini
Pheza manje, Nkosi awe
Sesiphila esikhathini esinzima
Siphila nabantu abangasenanembeza
Lamula, Nkosi, laba bantu abanamandla okulwa
Baba, bavikele
Laba bantu, Nkosi yami, uze ungavumi nabo
Baba, bavikele
Sekwanele
Heyi, ye
Bendikwethemba kanti udlala ngami
Bendikwethemba kanti udlala ngami